Ayewukela ngamanzi kuWadi 39

KUBE yintokozo yodwa emphakathini wakuWadi 39 ngohlelo lokufakelwa amanzi ezindlini. Mhla ziyisi-9 kuNhlolanja ubuholi bukaMasipala buholwa yiMeya uNjilo neSekela lakhe ikhansela uZuma bebukule ndawo ukuyophendula isoyi. Kwabanye abaholi ababeyingxenye yalo mcimbi bekukhona nezinhlaka zoBukhosi okuyizinduna. Ibikhona induna uMbandlwa oyinduna yendawo eMbumbane, ikhona induna uMhlongo nebuye ibe yikhansela kuWadi 6, induna uDlamini eMkheshekweni ibikhona. Kayisalanga ngaphandle nenduna uNtombela kwaZinqamu nebuye ibe yikhansela, ibikhona nenduna uNene.

Kulolu hlelo kuzohlomula lezi zindawo ezilandelayo; iKwasanta, iNcwadi, uMbumbana kanye nakwaDayisa. Lezi zindawo zakha iwadi elisha ngokwemiklamo yoHulumeni Bendawo. Okutuswe kakhulu kusukwa nje wukubambisana phakathi kukaMasipala kanye nezinhlaka zoBukhosi. Iphawula ngalokhu induna uMbandlwa ituse ikhansela lewadi, ikhansela uThando Madondo nathe ubenze njengoBukhosi bayingxenye yokusuka nokuhlala kwalolu hlelo.

“Sibonga ukuthi nangakithi sesize safika isikhathi sokuthi, njengewadi elisha ngaphansi koMsunduzi, futhi siyabona ukuthi akuthathanga sikhathi eside ekutheni kuthele imiphumela emihle. Nathi sesiyahlomula khona sibasha nje. Impela nathi asibancanyane,” kubeka induna.

Kanti ikhansela lewadi uNks uMadondo lizwakalise ukuthokoza kwalo ngalokhu obekwenziwa nathe kumhloma elegwalagwala isibili. “Ngibonga ukubekezela kwenu phezu kokuthi wonke umuntu azi ukuthi ninezinto eningenazo njengamanzi njengoba manje esezongena ezindlini. Ngiyazi umphakathi waseNcwadi awunayo nemixhaso kodwa ngiyanithembisa ngithi kuningi okuzayo, futhi kuningi enizokwenzelwa uMsunduzi.

Okubalulekile ukubekezela ngoba nezimali azikho kahle kepha sizolokhu sikufaka kusabelomali lokhu okuncane okutholakalayo,” kusho okaMadondo.

Uphethe ngokuveza lokho okwenze konke kwaba yimpumelelo kube yikho ukusebenzisana noBukhosi endaweni nekomiti lewadi. Uzibophezele ekutheni lolu hlelo lwentuthuko luyoba ngelinobulungiswa ukuze wonke umuntu eneliseke.

Yethula inkulumo yayo iMeya uMnu uNjilo wethule umlando walo msebenzi nathe kade waqala. Kusukela ngowezi-2016 baqala ukungena ngaphansi koMsunduzi baqhamuka nezinhlelo zokuthi le Wadi ithole amanzi.

“Kwasetshenziswa izigidi eziyisi-R9,5 ekutheni kulungiswe amaborehole, kwalungiswa nezifutho ukuze amanzi ahambe kahle emapayipini. UMasipala ubusebenza kepha bekungekho okuzokwazi ukuthi kunabe kusize umuntu ngamunye bekuseyizinto zomphakathi nokwehlukile kunalokhu ngoba manje sekungumuzi ngamunye,” kusho uNjilo.

Uqhube ngokuthi lolu hlelo lwamanje luzosebenzisa izigigidi ezingama-R220 ezolwa nokuthi kwakhiwe amathangi amakhulu azokwazi ukuphakela umphakathi amanzi ngendlela ukuyiyona yona. “Leli thangi elizokwakhiwa lizophakela abantu abayizinkulungwane ezimbili okungabantu baseNcwadi kanye nabantu baKwasanta,” kusho uNjilo. Ugcizelele emazwini kasekela wakhe ukuthi ohlelweni olufana nalolu kumele izakhamuzi zilengamele bagade ngisho ipayipi ukuthi lishonaphi, ngoba abanye bazozicabangela bona. Uchaze ngale mali eyizigidi ezingama-R220 ukuthi into ezokwenziwa izigamu. Le ezoqalwa kusetshenziswe izigidi ezingama-R60 nezophakela abantu baseNcwadi.

ISekela Meya uMnu uZuma nobuye abe nguSihlalo weKomiti elibhekelele ingqalasizinda uthe wesese ngalo msebenzi. “Siyazazi izinkinga zenu. Ikhansela lenu lihlezi lizethula mihla namalanga ikakhulukazi eMkhandlwini ukuze sikwazi ukuthi sikhulume ngakho,” kusho uMnu uZuma.