Umqeqeshi weMaritzburg City nesifi so sokubuyisa udumo

UMQEQESHI weqembu laseMgungundlovu eligijima kuligi yesithathu i-ABC Motsepe League ngaphansi kwesifundazwe iKwaZulu-Natal, iMaritzburg City u-Andile “Sguda” Cele uthi yize benezinqinamba ababhekene nazo beyiqembu okubalwa khona nenkece kodwa sekuyisikhathi sokuthi bajabulise abalandeli abahlezi bebeseka.

Echaza ngomlando ekhuluma naleli phephandaba uCele uthe iqembu labo selibe yinkulisa kwamanye amaqembu nathe yinto enhle nembi. Uthe yinhle ngoba abadlali laba bayathuthuka kepha kokunye ilahlisa iqembu umgqigqo ngoba kuthi lapho kusaphenjwa bese umdlali ekhiwa ngabanye.

Echaza ngomlando wakhe eqenjini uCele uthe: “Ngifi ke kuMaritzburg City ngowe-1999 njengomdlali, ngifi ka kuleli qembu sanqoba iligi kusona lesi sigaba i-ABC Motsepe kodwa isabizwa ngokuthi iVodacom League. Sanyukela esigabeni esiphezulu iMTN esiyaziwa ngokuthi iNational First Division (NFD). Sadlala umqhudelwano obizwa ngokuthi iBob Save (esibizwa ngokuthi iNedbank Cup), saphuma kumaQuarter-Finals. Okwenza ngiveze lo mlando omfi shane ukuvezela abantu ukuthi uma sithi sifuna ukubuyisa udumo sikhuluma ngani,” kusho uCele.

Emva kwaleyo sizini uCele baba nenhlanhla benoMbulelo “OJ” Mabizela, njengoba bajoyina eziMnyama, i-Orlando Pirates. Uthe ngesizini yangowezi-2010/11 ethatha izintambo zokuba umqeqeshi kuReggie Shelembe bacishe badliwa izembe, lapho umdlali owayegqamile uPhilani Zulu owasayiniswa iMaritzburg United ngaphambi kokuthi aye kuKaizer Chiefs.

UCele uthe udlale indima enkulu ekutheni uZulu abe lapho akhona namhlanje. “UZulu (Philani) ubenza kahle kakhulu kodwa ebona ikhono lakhe ligcina ngokutuswa lapha eMgungundlovu kuphela, isinqumo abesesithathile ukuthi amakhokho awabeke ethala kodwa mina njengomuntu omdala kunobhutshuzwayo ngamqinisa ukhakhayi nalapho agcina ethathwa iMaritzburg United,” kusho uCele.

Ngesizini yangowezi-2011/12 iMaritzburg City yayinqoba iligi, yabe isihlulwa kumaplay-off okungena kuNFD.

Eqhuba uCele elandisa leli phephandaba uthe iqembu linezifi so eziningi kodwa uma kungekho ofi sa ukuthi abalekelele, kuzoba lukhuni satshe ukuthi bazifeze.

“Uma sidlala sifaniswa neqembu laseSpain iBarcelona ngoba silibeka phansi ibhola. Sinconywa nsukuzonke ukuthi sidlala kahle, inkinga iba sekutheni akekho osilekelelayo. Ngikhuluma nje uMasipala wasithembisa ukuthi uzosilungisela inkundla esidlala kuyona imidlalo yasekhaya iNorthdale kodwa lutho. Ngoba besihlangene noSihlalo sithe indlela okuyiyona ezosilethela abaxhasi ukuthi sinqobe iligi, nokuyinto engifungayo ukuthii izokwenzeka.” kuchaza uCele.

IMaritzburg City isikhiqize inqwaba yabadlali abayibambe kuNFD nakuPSL. Abanye babo uPatrick Thwala, uThami Mkhize, uNsizwa Myika, uTeenage Dladla. Abadlalayo kuyimanje uSphesihle “Mbesuma” Ndlovu noNjabulo Hlela abadlala kuMaritzburg United.

Ithimba labaqeqeshi okunguSibusiso Ngcobo noMncendisi Ncaba bazimisele ukuthi bathathe iqembu balinyusele kuNFD baphinde bakhe abadlali abancane. Leli qembu liphinde libe nenkulisa eqala kwabangaphansi kwabaneminyaka eli-11, eli-13, eli-15 kanye neli-17.